I-FOSKOR, inkampani yaseNingizimu Afrika yezimayini kanye neyokucubungula, le nkampani ibhekene nomkhonyovu wokukhokhisa abantu imali ukuze bathole imisebenzi owenziwa yizigebengu. Abakhwabanisi bebekhangisa ngamanga ngezikhundla ezingekho enkampanini bese beqola abantu imali bethi bangabatholela imisebenzi. Abebekhulumela inkampani yakwaFoskor (Thembile Jobe kanye no-Nomfundo Kubheka) bagcizelele ukuthi azikhokhelwa izicelo zomsebenzi.https://www.facebook.com/share/v/1DoPuinUQD/
Ukufaka isicelo somsebenzi kwa-FOSKOR kumahhala. Abameleli baphinde bacacisa ukuthi ukuthunyelwa kwemisebenzi kuvamise ukuvela emaphephandabeni naku Website yabo, angeke kukhishwe ezinkundleni zokuxhumana ezinjengo (Facebook, njalonjalo) angeke futhi basebenzise umakhala ekhikhini ukuxhumana nawe, kodwa basebenzisa izingcingo zasemaHhovisi abo uma kuthinta umsebenzi,lezizinombolo ziqala ngo 035 eyaseRichard’s Bay noma u015 okungeyase Phalaborwa.
Uma ungomunye wabakhohlisiwe ngalomkhonyovu, i-FOSKOR ikukhuthaza ukuthi ubike isigameko emaphoyiseni futhi usebenzise imigomo yophenyo esemthethweni etholakala kusizindalwazi sawo. Uma kunolwazi oludingayo ungashayela lenombolo 035 902 3000 okanye 015 789 2000 ukuze uxhumane nabanolwazi lwangempela ngenkampani. IFOSKOR ikugxeka kakhulu ukuxhashazwa kwegama lalenkampani ngale ndlela futhi inxusa umphakathi ukuthi uqaphele ukuthi ulwazi ulithola kuphi.


